UPENNY NTULI USESHIYE PHANSI EMSAKAZWENI IJOZI FM


Umsakazi uPenny Ntuli uqede ngokusemthethweni uhambo lwakhe ne-Jozi FM, evala isahluko esaqala ngohlelo lwesikhashana kodwa sakhula saba yiminyaka ecishe ibe mibili yokufunda, ukukhula kanye nempumelelo.

Ngaphambi kokujoyina i-Jozi FM, uNtuli waba ngundabuzekwayo ngemuva kokushiya i-Gagasi FM ngemuva kouungezwani nalomsakazo ngalokho akuchaza njengokukhokhelwa umholo ophansi ongamukeleki. Lolu daba lwavusa impikiswano ebanzi mayelana nokukhokhelwa, ukuxhashazwa kanye nemikhuba efanele yabasebenzi embonini yomsakazo.

Kamuva uNtuli wathuthela eGoli, ekuqaleni ehlela ukuhlala izinyanga eziyisithupha kuphela. Kodwa-ke, uthi indlela emukelwa ngayo e-Jozi FM yamkhuthaza ukuba ahlale cishe iminyaka emibili. Phakathi nalesi sikhathi uthi, wafunda izilimi ezintsha, wajwayela amasiko ahlukene futhi wakhula kokubili ngokomuntu siqu nangokomsebenzi.

Ubonge abaphathi, abasebenzi be-HR kanye nabasebenzi abebemeseka kakhulu, wathi sekuyisikhathi sokudlulela emadlelweni aluhlaza namathuba amasha.

Ukuqagela kuqalule njengoba lentokazi ingavezanga ukuthi ilibhekisaphi.


Uthukela Times All Rights Reserved