Umphakathi waseMoba uvuke wavala umgwaqo namuhla ekuseni, ukhala ngenkinga kagesi osekunesikhathi uhambile kulwndawo.
Izakhamuzi zithi sebekhathele izethembiso ezingagcwaliseki, kanti ukudla sekuyabola ezindlini ngenxa yokungabikho kukagesi. Baveze ukuthi akukho zimpawu ezikhombisa ukuthi ugesi uzobuya maduze, nokubashiya bedidekile futhi bekhathazekile.

Ngesikhathi uKhansela wakulendawo uZolani Kubheka efika endaweni yesiteleka, umphakathi umtshele ukuthi u-Eskom uyabaziba, yingakho benqume ukuvala umgwaqo ukuze izwi labo lizwakale.
Bathe uma uKhansela engabuyi kusasa ehamba nezikhulu zase-Eskom, ngeke bawuvule umgwaqo futhi ngeke kusebenzeke lutho ewadini. UKhansela uKubheka ubathembisile ukuthi uzobuya ne-Eskom ukuzobhekana nodaba.

