KUPHAZAMISEKE IZIFUNDO ABAZALI BEVALA AMASANGO ESIKOLE INTANDOYESIZWE HIGH SCHOOL E-UITVAL


Kudideke abazali nabafundi ngesikhathi befika evalwe thanqa amasango e-Intandoyesizwe High School, ese-Uitvaal eMnambithi, namuhla ekuseni.

Kubikwa ukuthi iqeqebana labazali livale isango lesikole lapaka nemoto phambi kwalo, lifuna kususwe uthishanhloko wesikole, uMnu Nene, limsola ngokuthi uhlulwa ukuphatha isikole ngendlela efanele.

Ngokwemibiko, ezinye zezikhalo zabazali zifaka ukushoda kothisha kanye nezinsolo zokuthi abanye othisha abayi emakilasini ngesikhathi sokufundisa.

Ekhuluma ngalolu daba, uMnu Nene ukuqinisekisile ukuthi izifundo azikwazanga ukuqhubeka ngenxa yokuthi isango belivaliwe. Nokho, uthe uyamangala ngalesi senzo ngoba ngokwazi kwakhe izinto zihamba kahle njengamanje esikoleni futhi zonke izifundo zinothisha. Uvumile ukuthi zike zaba khona izinkinga phambilini kodwa zonke lezo zinkinga zaxazululwa.

UNene uphinde waveza ukuthi uma kwenzeka uthisha engabi bikho, yena uqobo uyaye angene ekilasini ukuze kuqhubeke ukufunda.

Abanye babazali batshele leli phephandaba ukuthi kunabantu abangamfuni uNene esikoleni, futhi yibona abagqugquzela abanye ukuthi baphikise ubuholi bakhe. Bathi izingane yizona ezigcine zithintekile njengoba zingakwazanga ukufunda.

Omunye umzali uthe uma lesi simo siqhubeka, bazozilethela bona izingane zabo esikoleni ukuze kuqhubeke izifundo.

UNene uthe, ngeke avumele abantu abafuna ukulimaza isithunzi sakhe ukuthi babulale ikusasa labafundi. Uthe isikole sizovulwa njengokujwayelekile kusasa. Imizamo yokuthola ikhansela lendawo ukuthi liphawule ngalolu daba ayiphumelelanga.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved