INHLANGANO YAMATEKISI INIKELE NGOMFANISWANO WESIKOLE


I-Underberg/Himeville Taxi Association ibambe umcimbi wayo waminyaka yonke wokweseka umphakathi, lapho inikele khona ngomfaniswano wezikole zamabanga aphansi ezingu-24 ngaphansi kukaMasipala i Dr Nkosazana Dlamini-Zuma.

Lo mcimbi ububanjelwe ehholo lomphakathi e-Underberg.

Kanti ube yimpumelelo enkulu njengoba izikole ezingama-24 zithole ukwesekwa,isikole ngasinye sithole abafundi abahlanu njengabahlomuli. Kwezinye izikole ezimbili, kuhlomule abafundi abayishumi ngenxa yesidingo esikhulu.

Sekukonke, cishe abafundi abangaba ngu-130 bathole umfaniswano wesikole ngalolu suku, okuyinto ezosiza kakhulu ekuthuthukiseni izinga labo lokufunda nasekukhuthazeni ukuzethemba.

Umcimbi uhlonishwe wubukhona bezinhlaka ezahlukene ezibalulekile emphakathini okubalwa kuzo i-SANTACO, i-SAPS, amaphoyisa omgwaqo, izinduna, othisha, umnyango wakwa COGTA kanye noMnyango Wezemfundo.

Lo mcimbi ukhombise ukubaluleka kokubambisana phakathi kwezinhlangano zomphakathi nezikhungo zikahulumeni ekwakheni ikusasa elingcono labafundi kanye nomphakathi wonke.


Uthukela Times All Rights Reserved