Kubikwe ngokudutshulwa kubulawe abantu abayisishiyagalolunye endaweni yokuhlala ngokungemthetho yaseJeffsville, e-Atteridgeville.
Imibiko ithi izidumbu zabo bonke abayisishiyagalolunye zitholwe ngaphakathi emjondolo namhlanje ekuseni, benamanxeba okudutshulwa.
UKhomishana Kazwelonke Wamaphoyisa, uGeneral Fannie Masemola, kanye noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni saseGauteng, uLieutenant General Mthombeni, kulindeleke ukuba bafike endaweni yesigameko.
Akukakadalulwa ukuthi yini ebangele lesi sigameko noma ukuthi obani abasolwa.
