Amaphoyisa awakakabophi muntu kulandela ukubulawa kukaThokozani Meso (30), ogwazwe washona ngesikhathi exabana nomunye umuntu ngemali engu-R100 endaweni yakwaMthandi ngoLwesithathu, mhla lu-1 kuNtulikazi.
Ngokolwazi lwamaphoyisa, umsolwa umsolwa uhlangane noMeso esitolo wambuza ngesikweletu sakhe esingu-R100.
Ingxabano yagcina ngokuthi umsolwa amgwaze ngommese ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko.
Amaphoyisa avule icala lokubulala, kanti uphenyo lusaqhubeka ukuze kuboshwe umsolwa.
