Icala lokubulawa kukaKhansela we-DA kuMasipala wase-uMngeni, uNhlalayenza Ndlovu, selithathe elinye igxathu njengoba abasolwa ababili sebeveze ukuthi bahlose ukungena esivumelwaneni sokuvuma icala noMbuso.
UKhayelihle Shabalala kanye nombulali oseke wagwetshwa, uDeon Mathonsi, bavele eNkantolo yesiFunda yaseMgungundlovu ngoLwesine, lapho ummeli wabo oqashwe ngasese eqinisekise khona ukuthi izingxoxo zesivumelwano noMbuso ziyaqhubeka.
Bebevele kanye nabanye abasolwa, uThobani Hlongwa kanye neNkosi yeNxamalala Traditional Authority, uSimphiwe Zuma.
Umshushisi wombuso, u-Advocate Elvis Gcweka, utshele inkantolo ukuthi uMbuso ubulindele ukuthola izitatimende zokuvuma icala ngaphansi kweSigaba 112 ngaphambi kokuqulwa kwecala, kodwa le mibhalo yethulwe ngosuku lokuqulwa kwalo, okwenze kwacelwa ukuthi icala lihlehliswe ukuze uMbuso ukwazi ukuyihlaziya.
Icala selihlehliselwe uLwesibili oluzayo, lapho kulindeleke ukuthi laba basolwa ababili bangene ngokusemthethweni esivumelwaneni sokuvuma icala.
UNhlalayenza Ndlovu, owayenguChief Whip kuMasipala wase-uMngeni, wadutshulwa wabulawa ngomhlaka-5 Disemba 2023 emzini wakhe eMasosheni, eduze kwaseMpophomeni. Wadutshulwa izikhathi ezingaphezu kweziyi-10 phambi komkakhe nezingane zakhe, kanti uMbuso uthi kwakuwukubulawa obekuhleliwe.
Icala beliqhubeka enkantolo kusukela ngo-Okthoba 2024, ngemuva kokuboshwa komsolwa wokuqala, uThobani Hlongwa.
INkosi uSimphiwe Zuma yona isaboshiwe futhi ngesikhathi esifanayo ifaka isicelo sebheyili kwelinye icala lokubulawa komkhulumeli, uXolani Ndlovu-Ntombela, ngo-2022. Ibhekene namacala amathathu okubulala okuthiwa axhumene nezingxabano zokudayiswa komhlaba.
Isinqumo ngesicelo sayo sakamuva sebheyili kulindeleke ukuthi sikhishwe ngomhlaka-14 Julayi 2026
