Ngqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu esifundazweni saKwaZulu-Natal uMfundisi Thulasizwe Buthelezi namhlanje zimbili kuNtulikazi 2026 unikezele ngezimoto emakhosini angaphansi kwesifunda sase Majuba.
UNgqongqoshwe uButhelezi uthi lokhu uhlose ngakho ukulekelela amaKhosi ukuze akwazi ukufinyelela kalula lapho esuke edingeka khona eyosebenzela isizwe.
Ungqongoshe uButhelezi uphinde wathi lokhu kuyingxenye yemizamo kaHulumeni waKwaZulu-Natali yokuqhubeka nokwakha ubudlelwano obuqinile nobunenzuzo nobuholi bendabuko, nokuqinisekisa ukuthi amazwi nezidingo zamaKhosi ayalalelwa futhi ayabhekelelwa.
