IZOPHUNYUZWA I-TLB EMDLALWENI WEBAFANA NEPANAMA


Umqeqeshi we Bafana Bafana, Hugo Broos, useqinisekise ukuthi abadlali u Mbekezeli Mbokazi owaziwa ngo “TLB” kanye no Bongokuhle Hlongwane ngeke badlale kumdlalo wobungani wakusasa lapho iBafana Bafana izogadulisana ne Panama.

UBroos ukhulume ngalolu daba ngesikhathi sesithangami sabezindaba esibanjelwe e Moses Mabhida Stadium eThekwini. Uthe ukungabonakali kwalaba badlali akubangelwa ukulimala, kodwa iqembu likhethe ukubaphumuza.

Uthe bobabili bachithe isikhathi eside behamba besuka eMelika beza eNingizimu Afrika, yingakho kuthathwe isinqumo sokuthi baphumule kulo mdlalo.

“Laba badlali bachithe isikhathi eside ohambweni lwabo oluza lapha eNingizimu Afrika, ngakho sikhethe ukubaphumuza. Bazobonakala kumdlalo olandelayo ozokuba ngoLwesibili,” kusho uBroos.

Umdlalo kulindeleke uqale ngo-19:00 kusihlwa eMoses Mabhida Stadium eThekwini.


Uthukela Times All Rights Reserved