Owayeyilungu lePhalamende le Economic Freedom Fighters, Mbuyiseni Ndlozi, usebhalele umengameli wase South Africa, Cyril Ramaphosa, emcela ukuthi amise uKhomishana Kazwelonke wamaphoyisa u Fannie Masemola bese eqoka u Nhlanhla Mkhwanazi njengomphathi wamaphoyisa kuzwelonke.
Encwadini yakhe, uNdlozi uthe uMkhwanazi waziwa ngokusebenza kanzima ekulweni nobugebengu futhi akesabi izigebengu. Ubuye wathi umphakathi uyameseka kakhulu futhi uyamethemba ngenxa yomsebenzi wakhe ekulweni nobugebengu.
UNdlozi uveze ukuthi ukuqokwa kukaMkhwanazi kungasiza ekubuyiseni ukuzethemba komphakathi emaphoyiseni kanye nasekulweni nobugebengu obukhungethe izindawo eziningi ezweni.

