Kulindeleke ukuthi iphinde iqale phansi ingqungquthela yokukhetha ubuholi beqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) eNdaka/Mnambithi ngempelasonto ezayo, kulandela izikhalo ezivele ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yokuqala.
Ubuholi obuphezulu be-IFP bubambe umhlangano nabaholi besifunda saseThukela kanye nabaseNdaka/Mnambithi, lapho kuthathwe khona isinqumo sokuthi ingqungquthela iphindwe ngenxa yamaphutha abikwayo ngesikhathi kuqhubeka ukhetho.
Kubikwa ukuthi ezinye izithunywa azikwazanga ukungena endaweni obekuqhutshelwa kuyo ingqungquthela, okwaholela ekutheni zifake izikhalo eqenjini.
IPhini likaNobhala Jikelele we-IFP, uMnuz Albert Mncwango, liqinisekise ukuthi ingqungquthela entsha izoba ngesonto elizayo njengoba sekusondele ukhetho loHulumeni Basekhaya.
Khonamanjalo, izinhlangothi ezincintisanayo zithi sezikulungele ukubuyela emncintiswaneni wokukhetha ubuholi engqungqutheleni ehlelelwe umhla ka-19 Julayi 2026.
