IHhovisi leNgonyama uMisuzulu kaZwelithini limemezele ukuthi umhlangano phakathi kwezithunywa zeNgonyama no-Unyazi Lwezulu uphothulwe ngempumelelo ngenhloso yokuqinisa ubunye nokubuyisana.
Ithimba leNgonyama beliholwa nguSihlalo woMkhandlu weNgonyama, iNkosi uNkosana uZuzifa Buthelezi, lihambisana noMkhulumeli weNgonyama, iNkosana uMpiyakhe Buthelezi, kanye noNdunankulu weSintu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.
Ngokwesitatimende, u-Unyazi Lwezulu uqinisekise ukuthi iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini iseyiyo iNkosi yakhe, wathi ukungaboni ngaso linye okwake kwavela bekuyindaba yomndeni esesixazululiwe. Uphinde waqinisa ukwethembeka kwakhe esiHlalweni sobukhosi bakwaZulu nakusizwe samaZulu.
Njengophawu lokubuyisana, ithimba lethule izinkomo ebuholini baseShembe egameni leNgonyama, okuyisibonakaliso sokuhloniphana nokuqinisa ubudlelwano phakathi koBukhosi bakwaZulu nomphakathi waseShembe.
IHhovisi leNgonyama lithe lizoqhubeka nokukhuthaza izingxoxo, ubumbano kanye nokwakha ubudlelwano obuhle nabaholi bendabuko, izinhlangano zezenkolo nomphakathi ngenhloso yokuqinisa ukuthula nokubumbana kwesizwe.
