IPhini leMeya yaseNewcastle ophinde abe nguSihlalo we-Technical Services Portfolio, uKhansela u-Andile Nkosi, uhlole isimo semigwaqo enetiyela eNewcastle nasezindaweni eziyakhele, okuhlanganisa i-Osizweni, iMadadeni, i-Ingogo, kanye neCharlestown.
lokhu kulandela izikhalazo ezivela kumalungu omphakathi,nakhalaza nemigodi emgwaqeni kanye nengqalasizinda yemigwaqo eyonakalayo, uKhansela uNkosi ubehambisana nonguSomlomo woMkhandlu, uKhansela u-T. Zulu,iKhansela leWadi 28 uZwane kanye nethimba eliphelele lwezobuchwepheshe elivela kwi-Roads and Stormwater Unit.lelithimba livakashele izindawo ezidinga ukuthi kungenelelwe ngokushehsa.
UKhanela uNkosi phinde wagcizelela ukuthi kubalulekile ukuthi uMasipala wenze isiqiniseko sokuthi,umphakathi ulethelwa ingqalasizinda esesimweni esamukelekile,waphetha ngokuthi kuzoqhubeka ukuhlolwa kwemigwaqo ukuze kuqinisekiswe ukuthi intuthuko iyafika ebantwini.
