Umndeni wakwaNkonyane uthi usuzokwazi ukulala ngokuthula ebusuku njengoba usukwazile ukungcwaba ngesizotha ubaba wekhaya, uDkt Elijah Nkonyane, obenguMengameli webandla iChristian Apostolic Holy Spirit Church.
Lokhu kulandela inkonzo yomngcwabo wakhe ebiseNyonini, eNewcastle, izolo, ngemuva komdonsiswano owake waba khona phakathi komndeni nalowo okuthiwa ubebehlalisana naye, kanye nokungcwatshwa kwakhe okwesikhashana.
Abantwana bakhe bathe kuyabathokozisa ukuthi manje sebeyazi indawo lapho ubaba wabo elele khona, okuyinto ebalethele ukuthula emndenini.
Baphinde baveza ukuthi umbiko wokuhlolwa kwesidumbu ukhombise ukuthi uDkt Nkonyane ubenomdlavuza wesinye, okuyisimo sezempilo abephethwe yiso.
