Amaphoyisa aphenya isigameko lapho isitolo se-spaza esisemgwaqeni uHilliard Oval kuthiwa sihlaselwe ngebhomu likaphethiloli namhlanje kusihlwa.
Ngokolwazi lweziphathimandla ebezisendaweni yesigameko, umnikazi wesitolo, okukholakala ukuthi ungowokufika, ukwazile ukubaleka ngomnyango ongemuva ngemuva kokuqhuma.
Abezicishamlilo bakaMasipala wase-Alfred Duma, amaphoyisa (SAPS), uMnyango Wezokuphepha kanye nabezimo eziphuthumayo bakwa-KZN EMS baphuthume endaweni yesigameko.
Izimbangela zokuhlaselwa kwalesi sitolo azikakaziwa, kanti amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.
