Bekuyinjabulo enkulu kubafundi baseNtonjeni High School ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma ngesikhathi bevakashelwa uSihlalo wenhlangano engenzi nzuzo iNew Life Begins, uKhansela Ntuthuko Thomas Thabede, ehambisana nosaziwayo bakamabonakude.
UKhansela Thabede uthe izinga lokukhulelwa kwentsha ezikoleni selikhuphuke kakhulu, kanti nokuhlukumezana nokucwasana phakathi kwabafundi sekuyinkinga ebucayi. Uveze ukuthi lo mkhankaso uqale ngokuvakashela izikole zasemakhaya behambisana nabantu abadumile ukuze kudluliselwe umlayezo ocacile nowamukelekayo kubafundi.
Uthe inhlangano ihlose ukulalela, ukulekelela nokufukula intsha, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Ubuye wanxusa umphakathi kanye nabaxhasi ukuthi banikele nganoma yini abangakwazi ukuyeseka imizamo yokuthuthukisa ikusasa lezingane.
Omunye wosaziwayo, odume ngelikaDulas emdlalweni u-Amalanga Awafani, ubonge isimemo wathi kubalulekile ukuthi abafundi baqale unyaka begxile ekwakheni ikusasa labo nasekuguquleni izimo zemindeni yabo.

