IFISA KWANDE NABESIFAZANE EMNCINTISWANENI WAMAHHASHI IMEYA YASENQUTHU


Uhambe kahle kakhulu umjaho wamahhashi waminyaka yonke i-Nquthu June Horse Riding obubanjelwe ngemva kwaseplaza edolobheni laseNquthu kule nyanga kaJuni. lomdlalo wezomjaho wamahhashi unesasasa elikhulu njengoba ubuhanjelwe amahhashi aqhamuka ezifundazweni ezahlukene, kanti lo mcimbi uphinde wasiza kakhulu amalungu omphakathi asendaweni athola amathuba okudayisa ukudla ukuze enze imali.

Lomcimbi ubuhanjelwe amakhosi ahlukene afana neNkosi uZungu yaseMhlathuze, iNkosi uDlomo yaseNkandla, neNkosi uHlatshwayo yaseNquthu, kanye nezikhulu zohulumeni basekhaya okubalwa kuzo iMeya yaseNkandla uCllr uNzuza kanye neMeya yaseMzinyathi uCllr uMchunu.

Amahhashi anqobe emjahweni wamahhashi iNquthu July 2026

Phakathi nalo mcimbi, kukhethwe namahhashi azomela iNquthu emjahweni i-Dundee July, lapho abanikazi bamahhashi baphumelele bazuza izindodla zemali kanye nemivuzo ehlukene efana nezingubo zokulala, izihlalo zamahhashi, namatomu.

IMeya yaseNquthu oMhlonishwa uShabalala iveze ukuzibophezela kwakhe kulo mdlalo ngokuthi ifisa ukubona ukukhula kwesibalo sabesifazane abaningi abazobamba iqhaza futhi babandakanyeke kulo mkhakha wezomjaho wamahhashi (horse racing) ukuze uqhubeleke phambili.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved