UMASIPALA WASE-NDUMENI UQINISE IMKHANKASO YOKUHLOLA UKULANDELWA KWEMITHETHO KWAMABHIZINISI


ENDUMENI -Umasipala waseNdumeni uhlole ukuba amabhizinisi asedolobheni laseDundee naselokishini laseSibongile,ayawulandela yini umthetho lokhu kuza ngemuva kwesithangami sababambiqhaza ebesibanjwe ekuseni eNdumeni Council Chamber.

Lesi sithangami sihlanganise ababambiqhaza ababalulekile, okuhlanganisa noMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), izikhulu zokugcinwa komthetho kamasipala, amakhansela, izikhulu zikamasipala wesifunda, amalungu omphakathi, nabamele i-Make Endumeni Live Again, okuyinhlangano yomphakathi yendawo ezibophezele ekukhuthazeni ushintsho, ukukhula komnotho kanye nokuthuthukiswa komphakathi kumasipala.

Lo msebenzi wokuhlolwa kwamabhizinisi ubuholwa nguMeya, ukhansela uMcebo Mkhize, futhi ubugxile ekuqinisekiseni ukulandelwa kwemithetho kamasipala, imithetho yokuhweba kanye nezidingo zokuphepha komphakathi.

Angaphezu kuka-20 amabhizinisi ahlolwe ngesikhathi kuqhubeka lomsebenzi. Imiphumela yokuqala iveze ukuthi cishe u-99% wezitolo ezivakashelwe bezisebenza ngaphandle kwezimvume zokuhweba ezisemthethweni, okuphambene ngqo nemithetho kamasipala. Iningi lamabhizinisi ahloliwe bekungawabokufika.

Ngenxa yokungalandelwa komthetho okuhlonziwe, amabhizinisi athintekile ayalelwe ukuthi avale.

Umasipala usunxuse bonke osomabhizinisi abasebenzela eNdumeni ukuthi balawule ukusebenza kwabo ngokuthola izimvume zokuhweba ezisemthethweni kanye nokuqinisekisa ukuthi bayayithobela yonke imithetho efanele kanye nemithetho kamasipala.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved