BAPHUME ngobuningi babo oThisha nabaphathi bezinkulisa ngaphansi kwesifunda uThukela bamashela emahhovisi omnyango wezemfundo kulesifunda ukuyodlulisa uhlu lwezikhalazo zabo.
Phakathi kwezinto abakhala ngazo ukunganakwa kothisha basezinkulisa, inkohlakalo,ukungaphathwa kahle kwabaphathi bezinkulisa behlukunyezwa ngosonhlalakahle(Social worker ), ukuchema kosonhlalakahle ekusizeni abantu bezinkulisa,ukulwisana namakomidi nama forum ukuba angazenzeli ezinkulisa bekhona abaphathi bawo,ukuchema uma kukhethwa kwezinkulisa ezithola uxhaso kuhulumeni kanye nokuvunyelwa kwezingane ezineminyaka emithathu kuya kwemine ezikoleni(Primary Schools).

