intatheli Yothukela

KUJABULE ABALANDELI KUVELA UKUTHI SEBESEBENZA NDAWONYE FUTHI ABEBENGASABHEKANI

Bahluleke nokuzibamba abalandeli bezingqalabutho zikaMaskandi uShwi noMtekhala ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi basebenza ndawonye ukuze bakhiphe umculo omusha. Lokhu kudalulwe uShwi ekhasini lakhe lakuFacebook. UShwi ubhale kanje, “Kukhona Into esiyiphekayo aphinde abuya futhi lawo madoda, Khehla lenyoni noGolog’obovu. Anisasazi senisizwa ngendaba. Kulonyaka kukhulu okuzayo. Uzozwa ngetshe njengenyoni.” Uzokhumbula ukuthi laba baculi bake baxabana kwamanzi phansi, okuze…

Read More

USALE EMABOKOBOKO OWESILISA OBEZAMA UKUBAMBA INKUNZI EBHETHANE

Umphakathi waseBhetheni eBergville,namhlanje ekuseni usuxebule kanzima owesilisa ongaziwa obesebaqedile abantu ngokubabamba inkunzi endaweni. Namhlanje bethi uzama ukwenza adume ngazo ebamba abantu abebeya emsebenzini kanti lizomlahla elakubo,umphakathi ubusumgadile,uthe ethi uyazama base bembamba baxoxanaye ngendlela yomphakathi wasala emabokoboko maqede bambizela isithuthi seziguli,engasakwazi kwenzani.

Read More

ULAHLWE ELAKUBO EBANJWA NEZIDAKAMIZWA EZINGABIZA U-R32 000 EMNAMBITHI

Owesilisa, 27, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi kulandela umkhankaso oyimpumelelo owenziwe ngamalungu ethimba lasoThukela District Task Team. Umsolwa oboshwe enkabeni yedolobha laseMnambithi ngemuva kokuthi amaphoyisa, abekade ejutshwe ngobuchule, ebambe imoto yakhe ngesikhathi emlandela. Amaphoyisa asola ukuthi lo mlisa ubesendleleni eyohlinzeka ngezidakamizwa kulabo abamdayiselayo ngaphakathi enkabeni yedolobha umnambithi ngesikhathi amaphoyisa emvimba. Ngesikhathi eboshwa, amaphoyisa athole amaphilisi angu-802…

Read More

KUTHUNGATHWA UMLISA ONYAMALALE EJAHWA NGONOGAGA EMNAMBITHI

Kusaqhubeka ukuthungathwa komlisa onyamalale ejahwa ngonogada edolobheni eMnambithi. Amaphoyisa-SAPS eMnambithi aqinise imizamo yawo kanye noWarrant Officer we-K9 Search and Rescue Officer uJacques Meyer kanye nozakwabo wezinja, uStorm. Amalungu omndeni nawo ajoyine ukucingwa kwakhe ngeSonto, 18 January. Lomlisa unyamalele kusukela ngomhlaka-5 Januwari kanti ugcine ukubonakala endaweni yase-Acaciavale. Ngokusho kwamaphoyisa, kuthiwa ubonakale ezama ukugqekeza isitolo sefenisha ngaphambi…

Read More

I-ANC IGABISELA UBARNES NGESIKHUNDLA ESIPHEZULU UMA EBUYELA KU-GPU

I-ANC KwaZulu-Natal isiqale izingxoxo eziphuthumayo zokunqanda ukubhidlika kweGovernment of Provincial Unity (GPU). Lokhu kulandela ukungaboni ngaso linye nomholi weNational Freedom Party (NFP) u-Ivan Barnes. Imibiko ithi i-ANC seyethembise uBarnes isikhundla esiphezulu kwezepolitiki, kungaba esifundazweni noma kuzwelonke, ukuze amncenge ukuthi angasihoxisi isihlalo esibalulekile se-NFP kumfelandawonye. Kuthiwa u-Barnes akumjabulisanga ukungahlomuli ngeqhaza lakhe njengomholi weqembu futhi wesabisa ngokusebenza…

Read More

KWATHENGWA NGAYO IZIMOTO ZIKANOKUSHO IMALI EYANTSHONTSHWA EPHALAPHALA

Ukuqulwa kwecala labasolwa abahlobene nokwebiwa kwemali zakwamanye amazwe epulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa iPhala Phala lithathe elinye igxathu ngoLwesihlanu, nobufakazi buveza ukuthi kwasetshenziswa izizumbulu zemali ngemuva kwesigameko sokuntshontshwa kwalemali ngo-2020. Intombi kamsolwa wokuqala, u-Immanuela David, ifakaze njengofakazi ovikelwe, ichaze ukuthi uDavid wamupha u-R500,000 ukuze athenge iMercedes-Benz futhi wakhokha idiphozithi ka-R100 000 yefulethi laseKapa ayezolisebenzisa. Utshele inkantolo…

Read More

UGWETSHWE UDILIKAJELE OWABULALA IPHOYISA LOMGWAQO LISEMSEBENZINI

Ugwetshwe udilikajele eNkantolo eNkulu yaseThekwini owesilisa owalahlwa yicala lokubulala isikhulu samaphoyisa omgwaqo KwaDukuza ngesikhathi kugetshengwa itekisi. UPhilakahle Dladla, 28, uphinde wagwetshwe iminyaka engu-40 ebhadla ejele ngamacala engeziwe ngoLwesine. Inkantolo ilalele ukuthi ngo-2024 uDladla wagibela itekisi erenki KwaDukuza ephethe isibhamu ezenza umgibeli. Ngemuva kwalokho uphoqe umshayeli ukuthi aphume emgwaqeni ophumayo eGroutville, lapho afike wagebenga khona abagibeli….

Read More

UBUYELA EMSEBENZINI UMSAKAZI OBEMISELWE IZINXUSHUNXUSHU ZOMNDENI

IGagasi FM likuqinisekisile ukuthi uFelix Hlophe usebuyela emoyeni. ngokwesitatimende esikhishwe yiGagasi Fm, uFelix ubuyela ohlelweni lwakhe, The Uprising, kusukela ngoMsombuluko, 19 January 2026. Wayethathe ikhefu ngasekupheleni kukaDisemba ukuze abhekane nezindaba zakhe siqu futhi kamuva waya ekhefini lonyaka. Ngalesi sikhathi, isiteshi salandela izinqubo zangaphakathi. IGagasi FM lithi ligculisekile ukuthi uFelix usekulungele ukuqhubeka nomsebenzi wakhe emoyeni futhi…

Read More

SIBI ISIMO EMPHAKATHINI ONGENAMABHULOHO WASENSETHENI OKHAHLAMBA

Umphakathi waseNsetheni eGcekeni nakwaMthonjwa usuhlalele ovalweni njalo njengoba kuhlasela izimvulanje, lomphakathi uwela imifula eyingozi okuyiKhuze,Nsetheni neBhudlu nsukuzonke ukuze ufinyelele ezindaweni ezifana nedolobha kanye nezikole. Izingane zakulendawo azikakwazi ukuya esikoleni selokhu kuvulwe ngenxa yamanzi amanengi emfuleni kanti nesikole sakhona iNsetheni Primary School sakhizwe ngodaka, okwenza singaphephi uma isimo sezulu singesihle. Kulendawo intuthuko isagqozile impela ngoba nemigwaqo…

Read More

BAKHALA NGOKUTHI ALUYI OLUBUYAYO ESIBHEDLELA I-EMMAUS.

Basovalweni lokungeniswa esibhedlela sendawo i-Emmaus Hospital abantu baseBergville ngenxa yokwanda kwezigameko zokudlula kwabantu abangeniswa kulesibhedlela. Isakhamuzi esikhathazekile sithinte iphephanda siqhaqhazela futhi sethukile ngakubize ngenkinga ababhekene nayo bengazi bazosizakala kanjani ngayo. Odabeni asendlalele lona elokudlula kwabantu besifazane abasuke beyoteta bengabe besabuya abanye badlula nabo abantwana babo kanti abanye bashiya amaswane. ” Ngikhuluma nawe nje sebebahlanu abantu…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved