Abashayeli nabanikazi bamatekisi kanjalo nomphakathi waseMhlumayo bavale umgwaqo ongenela kulendawo eMaphemvane.
Imboni nomphakathi bathi bafuna uNgqongqoshe wezokuthutha kwaZulu-Natal uMnuz Sboniso Duma azophendula ngalo mgwaqo okwathiwa uzolungiswa ngumnyanga wezokuthutha ngesikhathi kusaphethe uNgqongqoshe uSipho Hlomuka osumagebhugebhu.
Baveza ukuthi kulomgwaqo uNgqongqoshe u Hlomuka wathula imali engu R10 million kuthi kuzolungiswa u25 km kodwa akukaze kuqalwe kunalokho kwapheshwa izigodi kuphela.

