UMPHAKATHI WASESIGODLWENI EMTSHEZI UYALELE ABOKUFIKA UKUTHI BAHAMBE NGEMVA KOKUBULAWA KOWESIFAZANE


UMPHAKATHI waseSigodlweni e-Estcourt, KwaZulu-Natal Midlands, uyalele bonke abokufika kuleli ukuba baphume ngokushesha kule ndawo kulandela umhlangano obushubile obubanjwe izolo.Lo myalelo ukhishwe ngemuva kokuthi izakhamuzi zihlangene zizodingida izinsolo zokubulawa kowesifazane wakule ndawo, okukholakala ukuthi ubulawe yisoka lakhe elidabuka kwelinye izwe. Umhlangano kuthiwa uke washuba, amalungu omphakathi ezwakalise intukuthelo, nokudinwa ngalesi sigameko.Izakhamizi zithi lesi sinqumo sithathwe njengempendulo ehlangene mayelana nokuphepha endaweni. Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi uphenyo ngokufa kwalo wesifazane luyaqhubeka, kanti abomthetho bakhulise ukubonakala endaweni ukuze baqaphe isimo futhi banqande ukuqubuka kwezingxabano.Iziphathimandla zinxuse amalungu omphakathi ukuthi ehlise umoya avumele umthetho uthathe indawo yawo, zixwayise ngokuzithathela izindaba.


Uthukela Times All Rights Reserved