UMNYANGO WEZINHLEKELELE E-ALFRED DUMA UHLOLE UMONAKALO ODALWE YISIPHEPHO ETHOLENI


UMnyango wezinhlekelele ngaphansi kukaMasipala i-Alfred Duma uvakashele indawo yaseTholeni ukuyohlola umonakalo odalwe yisiphepho esishaye kule ndawo.

Ngokusho kweKhansela lendawo, uMnumzane Mzuzwana Magasela, izindlu ezingaphezu kweziyishumi seziqinisekisiwe ukuthi ziphephukile ngenxa yamandla omoya. Lokhu kushiye imindeni eminingi ingasenamakhaya futhi idinga usizo oluphuthumayo.

Iningi labantu abathintekilw bese beqalile bezama ukulungisa umonakalo lapho nenamandla khona.

Ngaphandle kwalokho, izigxobo zikagesi zonakele, okudale ukuphazamiseka kukagesi ezindaweni eziningi. Izindawo ezithintekile zibandakanya iStarnford, iLimehill kanye nezinye izindawo eziseduze.

Iziphathimandla ziqhubeka nokuhlola umonakalo kanye nokuhlela izindlela zokweseka imindeni ethintekile, kuyilapho umsebenzi wokulungisa ugesi usalindelwe ukuze kubuyiselwe amandla ezindaweni eziphazamisekile.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved