LUDLULISELWE KUMGCINIMAFA KAZWELONKE OLWETHENDA KA-137 MILLION KUMASPALA UTHUKELA


IKomidi lePhalamende lezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu selinyusele kuMgcinimafa kuzwelonke udaba lwethenda ka-R137 million ethinta ukulungiswa kwemishini yokuphehla amanzi kuMasipala wesifunda sasoThukela ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Leli komiti lihlangane nobuholi bukaMasipala wesiFunda uThukela kanye noMasipala weNdawo Inkosi Langalibalele ngoLwesibili ukubheka inqubekelaphambili kulandela izikhalo ezivezwe ngesikhathi lihambele lo mkhandlu ngoJanuwari.

Amalungu ekomidi atshelwe ukuthi kumanje umasipala wasoThukela usebenza ngesabelomali esingaxhaswanga futhi ubhekene nokuntengantenga kwezimali. Izibalo zezezimali zikhomba ukuthi isabelomali sikamasipala singase sixhaseke ngokuphelele ngonyaka wezimali ka-2029/2030, okuwushiya udonsa kanzima ukufeza izibopho zawo zezimali kubahlinzeki bezinsizakalo kanye nabasebenzi.

USihlalo wekomiti uDkt Zweli Mkhize uchaze lesi simo njengesikhathaza kakhulu, wathi umasipala ubukeka ubhekene nezinkinga zokungaphathwa kahle kwezimali.

Inkontileka ka-R137 million, eyakhishwa ngendlela engaqondakali yokulungisa nokunakekelwa kwengqalasizinda yamanzi, ihlonzwe njengembangela enkulu yezinkinga zezimali zikamasipala. Ithenda isuka kubaphathi balomaspala baka-2016–2021 kanti umbango wokukhokha okwamanje useNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Amalungu aphinde azwakalisa ukukhathazeka ngemibandela yenkontileka engacacile, ukushoda kokuqondisa okufanele, ama-invoyisi angaqinisekisiwe kanye nesivumelwano sokuxazulula okungenzeka ukuthi asikagunyazwa umkhandlu kamasipala.

Ikomidi liphinde lazwakalisa ukwethuka ngokusetshenziswa kwama-akhawunti ezinkampani zangaphandle ukuphatha imali kamasipala kanye nezinqubo ezingabazekayo zokuboleka okungenzeka zephule uMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomasipala.

Umasipala uyalelwe ukuthi unikeze uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal ngemininingwane egcwele ngakho konke okuthinta lezi zindaba kungakapheli amasonto amathathu.

Ngaphezu kwalokho, umasipala wasoThukela ucelwe ukuthi ulethe uhlelo olunemininingwane yokubuyiselwa kwezimali phakathi kwezinyanga ezintathu oluchaza ukuthi uzozinzisa kanjani izimali zawo, uphinde uthuthukise ukuqoqwa kwemali engenayo kanye nokubhekana nokusetshenziswa kwemali ngendlela engafanele, engenanzuzo nokumoshayo.


Uthukela Times All Rights Reserved