Usomabhizinisi waseMnambithi uBahle Zondo, ongumsunguli wenkampani yomshwalense iAmahle Benefits Scheme, unikele ngo-R19 million ukuze kufukulwe osomabhizinisi abasafufusa ikakhulukazi abalimi.
Lesi simemezelo senziwe ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-19 yasungulwa le nkampani emcimbini obubanjelwe eCecil Emmett Hall, Vryheid, KwaZulu-Natal, South Africa ngempelasonto ntambama.
Ekhuluma emcimbini, uZondo uthe ukholelwa kakhulu ekuthuthukisweni kosomabhizinisi abasafufusa, ikakhulukazi emkhakheni wezolimo. Uthe inhloso enkulu yalolu xhaso ukusiza abalimi abamnyama nabasafufusa ukuze bakwazi ukukhulisa amabhizinisi abo futhi kuthuthuke umnotho wasemakhaya.
UZondo uthe ngesikhathi esungula i-Amahle Benefits Scheme inhloso kwakuwukusiza abantu ngomasingcwabisane onentengo ephansi, kodwa ngokuhamba kwesikhathi wabona kubalulekile ukusiza abantu besaphila. Lokhu kuholele ekusungulweni kwezinye izinhlangano ezifana neBZ Farming, Dr Bahle Zondo Foundation kanye neBursary Scheme.

