BAKHUMBULA IFEMU EYASHINTSHA IZIMPILO ZABANINGI EMTSHEZI.


Asisoze savaleka isikhala nobuhlungu obasala kwizakhamizi kanye nabasebenzi abathola ithuba lokuhlomula efemini iMasonite emtshezi. Lefemu ingenye yamafemu ashintsha izimpilo zabantu abaningi,yadala imisebenzi abanye bathola noqeqesho olusabasiza namanje ngaphambi kokuba ivalwe.

Umphakathi uthi impela uma uhulumeni wethu nabaholi bengabukisisa kahle ushintsho olwenziwa ngamafemu afana nalawa ezimpilweni zabantu bese bezama ukuwabuyisa lokho kungaba yinto enhle kakhulu neyoba ngumlando omuhle kuhulumeni obusa ngalesikhathi.


Uthukela Times All Rights Reserved