UHLABISA UVAKASHELE ISIFUNDA UTHUKELA OLUBHEKENE NEZINKINGA ZEZIMALI


Ithimba likahulumeni eliphezulu livakashele uMasipala wasoThukela okhungethwe yizinxushunxushu ngoMsombuluko njengoba lo masipala ubhekene nenkinga yezimali nokuhlinzekwa kwezidingongqangi.

Ithimba beliholwa nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa kanti bekukhona noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uNgqongqoshe weCOGTA uMnuz Thulasizwe Buthelezi nePhini likaNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Mkhuleko Hlengwa.

Lolu hambo lube yingxenye yokungenelela okuphuthumayo ukuze kuhlolwe izinga lezinselelo ezibhekene nomasipala ozinze eMnambithi, obhekene nengcindezi enkulu yezimali kanye nokuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi okuqhubekayo.

Ngesikhathi lifika leli thimba lihlangatshezwe ngamalungu enyunyana yabasebenzi bakamasipala iSouth African Municipal Workers’ Union (SAMWU) abenovalo lokuthi abasebenzi bangase bangayitholi imiholo yabo kaMashi kulandela ukunamathiselwa kwama-akhawunti ebhange kamasipala ngumashonisa.

UHlabisa uvumile ukuthi ubucayi bale nkinga wathi umasipala usuvele usuziqalile izinqubo zomthetho ukuxazulula udaba lwama-akhawunti amisiwe.

Uphinde waveza ukuthi ukushoda kwamanzi kusalokhu kuyinkathazo enkulu edinga ukungenelela okuhlanganyelwe kuhulumeni wesifundazwe nokazwelonke.

Kamuva uNdunankulu uNtuli ukuqinisekisile ukuthi izithunywa zazisiwe ukuthi incwadi yenkantolo idinga ukuthi izimali zikamasipala ezinamathiselwe zibuyiswe engakapheli amahora angu-48 ukuze umasipala uqhubeke nokuletha izidingo emphakathini.


Uthukela Times All Rights Reserved