INkantolo Ephakeme yaseMgungundlovu iyalele ukuthi kuvulwe wonke ama-akhawunti asebhange kaMasipala Wesifunda saseThukela nokuthi yonke imali ekhishiwe ibuyiselwe engakapheli amahora angu-48.
Esitatimendeni sabezindaba esakhishwa ngomhlaka-9 Mashi 2026, umasipala wamukele lesi sinqumo, uthi lesi sinqumo senkantolo siwusizo kakhulu futhi sizokwenza umaspala ukwazi ukuqala usebenze kahle.
Inkantolo iphinde yavimbela inkampani ebivule icala ukuthi ingakwazi ukuphinde ivale lama-akhawunti kuze kube yilapho isigaba esilandelayo sesicelo senkantolo siyaphothulwa.
Umasipala uthe lesi sinqumo siletha usizo ngokushesha futhi sizowuvumela ukuthi uqhubeke nokuletha izidingo ezibalulekile emiphakathini kuso sonke isifunda ngaphandle kokuphazamiseka.
UMasipala Wesifunda saseThukela uphinde waqinisekisa ukuzibophezela kwawo ekuzinzeni kwezezimali, ekuholeni okuqotho kanye nokuqinisekisa ukulethwa kwezidingo okungaphazamiseki emphakathini.

