Kudutshulwe kwabulawa usomabhizinisi waseMnambithi uMndeni Nxumalo wasendaweni yase-Uitvaal kanye nomngani wakhe uLindokuhle Mkhwanazi ngoMgqibelo ebusuku.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke endaweni yaseMaqanda khona eMnambithi. UNxumalo ubengumnikazi wenkampani yonogada iZSI Security.
Amaphoyisa aqinisekise ukuthi bobabili badutshulwe bashona endaweni yesigameko.
Imbangela yalokhu kubulawa ayikaziwa okwamanje, kanti amaphoyisa aseqalile uphenyo ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni nokuthi obani abathintekayo kulesi sigameko.

