Intaka ibekelwe amazolo kubalandeli bomculo kaMaskandi eMnambithi njengoba bezothola ithuba eliyinqayezivele yokulalela icwecwe elisha sha likaMenzi mahhala.
UMenzi ongowokudabuka khona kuleli dolobha ukhiphe icwecwe lakhe elisha phakathi kwamabili namhlanje elisihloko sithi Chabo. Leli cwecwe lakhe liqukethe izingoma eziyishumi nanye ezihlabahlosile. Leli cwecwe lilandela alikhipha ngonyaka odlule elaba yimpumelelo enkulu elalisihloko esithi, Angeke Ungiphathe.
Kulindeleke ukuthi indawo yokuzijuxuza edumile eMnambithi iChapters Lounge igcwale phama amabhinca nabalandeli balenkunzi yomculo kakaskandi. Okwehla kahle kakhulu kubalandeli bakamaskandi ukuthi kungenwa mahhala emnyango.
Umenzi uthembise abalandeli bakhe ukuthi uzobe ebachazela ukuthi ingoma ngayinye uqhamuke nayo kanjani, “Bafwethu. Ngizobe ngenze i LISTENING SESSION laphayana e ChaptersLounge eMnambithi edolobheni ngoLweSihlanu mhlaka 01 December izoqala ngo 20:00 pm. Ngicela wonke umuntu othanda ukulalela i Album yami endlini eyodwa nami afike. Ngizobe nami ngiyithula ngokusemthethweni kini nginichazela ingoma nengoma ukuthi isuke kanjani yaze yafika la.Ngicela soonke siphume ngobuningi sizolalela i Album ka Menzi. Mhlaka 01 December sijabule sonke.Kungenwa MAHHAAALA.” Kusho yena UMenzi ekhasini lakhe likaFacebook