Sewuzokuzwa ngendaba ukweswela iNetwork umphakathi waseWeenen ngaphansi kukaWard 22 njengoba sekufakwa i-ariel yenethiwekhi ezothuthukisa ukuxhumana kule ndawo.
Lolu hlelo luholwa uSekela Meya waseLangalibalele, uMhlonishwa Sthabiso Dladla, ngenhloso yokuletha uxhumana okungcono kubantu bendawo abesekudlule iminyaka bekhala ngokungabi khona kwenethiwekhi.
Umsebenzi wokufaka lemibhoshongo uqale ngesonto eledlule endaweni yaseNhlawe, kanti kulindeleke ukuthi uqedwe maduze.
Umphakathi waseWeenen usunesikhathi eside ubhekne nenkinga yokungabi khona kwenethiwekhi, okwenza abantu baphoqeleke ukukhuphuka ezintabeni bezama ukuthola iNetwork.
Kulindeleke ukuthi le nethiwekhi entsha ikhave izingxenye eziningi zaseWeenen, ilethe ushintsho olukhulu emphakathini.
Lokhu kuzozuzisa kakhulu intsha kanye nabantu abasebenzisa i-internet ukufuna ulwazi, ukufunda noma ukusebenza online, njengoba kuzovuleka namathuba amasha emisebenzi nasekuthuthukiseni ulwazi.

