Akusahambi kahle eSt Chads eMnambithi njengoba izakhamizi ziqhubeka nokukhala ngenkinga yamanzi ezithi isingabekezeleleki.
Izakhamizi zithi umgwaqo uHelpmekaar Road uzohlala uvaliwe kuze kube kukhona okwenziwayo ngodaba lwamanzi. Zisola uMasipala ngokudlala ngazo, zithi ngempelasonto bake bavala lo mgwaqo, kwase kuvela amanzi kwezinye izindawo, kodwa aphinde anyamalale kamuva.
Abantu bendawo bathi lokhu kubenza bakholwe ukuthi kukhona ukudlalwa ngamanzi akhona.
Lo mgwaqo uHelpmekaar Road usetshenziswa kakhulu izimoto zabantu abaya edolobheni eMnambithi, ikakhulukazi labo abasuka ezindaweni ezifana ne-Ezakheni, Ekuvukeni, Uitvaal, Mhlumayo nezinye eziningi.

