likaMasipala wesifunda sasoThukela libhalele iMenenja kaMasipala uMnuz LS Jili incwadi ephuthumayo lifuna izimpendulo ngemibiko yokuthi amaholo abasebenzi bakamaspala akhokhelwe kusetshenziswa i-Account yo-UThukela Economic Development Agency (UEDA).
Encwadini yangomhla zingama-25 kuNhlolanja wezi-2026(Leli phephandaba elinayo), uKhansela Thys Daniël Janse van Rensburg uzwakalisa ukukhathazeka okukhulu mayelana nokuba semthethweni kokusebenzisa i-akhawunti okungesiyona ekaMaspala ukukhokhela izindleko zikamasipala kuyilapho ama-akhawunti amakhulu kamasipala evaliwe kulandela umyalelo weNkantolo Ephakeme odabeni oluthinta i-RASP Consultants CC.
Ikhansela lithi nakuba ukukhokhela abasebenzi kubalulekile kodwa indlela okubikwa ukuthi isetshenzisiwe yephula umthetho iMunicipal Finance Management Act (MFMA).Ngokwale ncwadi, asikho isinqumo esaziwayo soMkhandlu esigunyaza ukusetshenziswa kwe-akhawunti ye-UEDA ngezinjongo zokuhola noma ukudluliselwa kwezimali ezihlobene nomasipala kuleyo akhawunti.U-Janse van Rensburg ucele impendulo ebhaliwe enemininingwane zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa, efuna kudalulwe ngokugcwele ukuthi lemali ivelaphi, ngubani ogunyaze lokhu kusetshenziswa kwale-Account, ukuthi ngabe iseluleko sezomthetho sitholakele yini, nokuthi kungani uMkhandlu ungaziswanga kusenesikhathi.
Uphinde wacela ukuthi uMgcinimafa Kazwelonke kanye nezinye izinhlaka eziqaphayo zithole izitatimende zasebhange ezigcwele, zibuyekeze imali engenayo nephumayo, futhi ziqinisekise ukuthi ziyahambisana yini nezimali ezibanjwayo ezisemthethweni ezifana no-SARS, izikhwama zempesheni kanye ne-medical aid.Ikhansela linikeze iMenenja kaMasipala kuze kube umhla zizi-4 kuNdasa wezi-2026 ukuthi inikeze impendulo egcwele, ixwayisa ngokuthi ukuhluleka ukuphendula kungase kuholele ekutheni Loludaba ludluliselwe ezingeni lesifundazwe kanye nakuzwelonke.

