Isikhulu sikamaspala i-Alfred Duma Local Municipality esibe ngundabamlonyeni ekuqaleni kweviki kulandela ukuzinikela kwaso emaphoyiseni emvakwezinsolo zokunukubeza ngokocansi, siphume ngebheyili ka R1000 namuhla.
uMnumzane Bongani Madondo kubikwa ukuthi wazinikela emaphoyiseni aseMnambithi ngoMsombuluko mhla ka-15 February emva kokuvulelwa icala ngowesifazane okuthiwa usebenza kuwo loMaspala ngohlelo lwenkontileka, omsola ngokuthi wambhudubeza wamnukubeza ngonyaka ka 2024.
UMaspala i-Alfred Duma wakhipha isitatimende emva kokuboshwa kwakhe wathi udaba ulubone ezinkundleni zokuxhumana kodwa usumbhalele incwadu uMadondo emazisa ngezinhloso zawo zokumumisa emsebenzini.
Icala libe selihlehliselwa umhla zingu-23 March 2026.

