ZIPHUTHUNYISWE ESIBHEDLELA IZINGANE ZASEMNAMBITHI PRIMARY SCHOOL EMVA KOKUDLA AMASNACKS ANOBUTHI


Kudingeke ukuthi ziphuthunyiswe esibhedlela izingane ezingu-12 zaseMnambithi Primary School eSteadville ezigule zaphathwa yizisu emva kokudla amaSnacks okusolakala ukuthi abenobuthi noma esephelelwe yisikhathi.

Ngokwemibiko, kuthi akuqondakali ukuthi lamaSnacks eziwadlile ziwathathephi ngoba kuthiwa kukhona ezifike nawo ziphuma nawo emakhaya, kanti amanye ziwathenge kumdayisi obezidayisela efenisini wesikole.

Lezi zingane ziphuthunyiswe emtholampela zase zidluliselwa esibhedlela eMnambithi nokuyilapho zifike zaxilongwa khona zase zidedelwa.

Isikole nomnyango wezemfundo simatasa senza uphenyo ngemvelaphi yalamasnacks adliwe ilaba bantwana.


Uthukela Times All Rights Reserved