Izinkulungwana zamalunga eqembu le Nkatha Freedom Party (IFP) esifundazweni sa kwaZulu-Natal zibungaze impilo yomsunguli weqembu le IFP obengu uNdunankuku kaZulu Dr. Mangosuthu Buthelezi, e Princess Magogo Stadiam kwaMashu.
Lankonzo yesikhumbuzo ibuhanjelwe abaholi bezenkolo, abamaqembu ezepolitiki, osomabhizinisi kanjalo namalunga emphakathi eyahlukene. Umholi weqembu I Action SA uMnuz. Zwakele Mcwango uthe bazokwenze ngako konke okusemandleni ukuthi igama ledolobhakazi eThekwini Metro liyashintsha liba I Mangosuthu Metro ukuhlonipha umtwana wakwaphindangene. uthi ngithi e Esten Cape ikhona I Nelson Mondela Bey pho kungani bengahlulwa ukushintsha iTheku wanxusa wonke amakhansela ahlala kumkhandlu iTheku ukuthi amaseke kulesiphakamiso.
Usihlalo we Nkatha kwaZulu Natal abe uMeya e King Cetshwayo u Num. Thami Ntuli uthi kubili nje okumele kwenziwe ukuhlonipha umtwana wakwaphindangene ukubuyisa isifundazwe sakwaZulu Natal ngonyaka ozayo kanjalo noku gcwalisa nsii I Moses Mabhida ngo April ngonyaka ozayo uthi lokho kobe sekufeziwe.
Umengameli we IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa uthe ukhetho lwangonyaka ozayo kuyoba ngathi ukhetho lonkuqala lwentando yeningi ngo1994 lapho abantu bakhipha amabhunu ngevoti namanje ngonyaka ozayo bazokhipha I ANC ngevoti emandleni.
Kanti I phini lika Sihlalo wesifazane inkosi Ntandoyenkosi Shabalala uthe ” siyabonga kakhulu kumndeni wakwaphindangene ngokusiboleka umtwana iminyaka engamashumi amane(40) esebenzela isizwe neqembu le Nkatha siyathembisa sizoqhubeke sihambe lapho kugcine khona umtwana. Siyabonga kakhulu kuyena umtwana ngokusakhela ikhaya lethu sonke Inkatha yenkululeko yesizwe” kusho uShabalala.