Abahlali baseSt Chads eMnambithi bakhale ngesimo esibi semigwaqo yalendawo, abathi seyisiphenduke ingozi emphakathini. Bathi imigwaqo seyigcwele imigodi, ayisasebenziseki kahle futhi idala izingozi ezingadingekile.
Ngokusho kwabahlali, le migwaqo isilimaze izimoto zabo futhi iphoqa abashayeli ukuthi bahambe kancane noma bagweme ezinye izindawo ngokuphelele. Bathi sekunzima ukuhamba, ikakhulukazi ngezikhathi zemvula.Abanye bathi sebephelelwe yithemba ngosizo lweziphathimandla, baze bathi sebenikela konke kuNkulunkulu ngoba ababoni izimpawu zokuthi imigwaqo izolungiswa maduze.
Umphakathi ucela umasipala ukuthi angenelele ngokushesha ngaphambi kokuthi kube nezingozi ezinkulu noma kulahleke izimpilo.

