ZIPHOQELEKE UKUTHI ZIBUYELE EMFULENI ZIYOKHA AMANZI EMVA KOKUNGANAKWA UMASPALA IZAKHUMUZI ZASETHOLENI


Njengoba amazinga okushisa eqhubeka nokwenyuka, izakhamuzi zaseTholeni ngaphansi kwe-Alfred Duma Local Municipality ziphoqeleke ukuba zigqube amabhala zilande amanzi phansi emifuleni ukuze ziphile. Amanzi empompini awasaphumi sekunesikhathi, kanti akukho namaloli aletha amanzi afikayo kulendawo ukusiza umphakathi.

Abantu bakulezi zindawo basebenzisa amanzi omfula ukuphuza, ukupheka nokugeza, yize besaba izifo ezingavela ngenxa yokungahlanzeki kwamanzi. Isimo sibhebhethekiswa wukushisa okukhulu, okwenza isidingo samanzi sibe phezulu kakhulu.

Izakhamuzi zithi zizizwa zishiywe dengwane futhi zinganakiwe njengoba imizamo yokuthola usizo eziphathimandleni zikaMaspala Uthukela ishawa indiva. Zicela ukungenelela ngokushesha ukuze kutholakale isixazululo, kungaba ukubuyiselwa kwamanzi empompini noma ukuthunyelwa kwama-water tanker, ukuze kugwemeke ingozi empilweni yabantu.


Uthukela Times All Rights Reserved