Ufike eshwiba izandla kubantu base St. Chads eMnambithi uNgqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu nemisebenzi yomphakathi KwaZulu-Natal uMnumzane Sipho Nkosi.
Ungqongqoshe bekulindeleke ukuthi anikezele ngamatayitela ezindlu zomxhaso kumalungu alomphakathi kodwa lokho akwenzekanga njengoba ethi wenqatshelwe ngisho ukuthi angene ezindlini zikaMaspala i-Alfred Duma. “Sizoxolisa kakhulu, amatayitela ahlala kwamaspala, umaspala ungivalele ukuthi ngithole amatayitela enu. Okwesibili uMaspala wenu, ngisho izingxoxo sizibambele emgwaqeni, usinqabele ukuthi singene ngaphakathi ezindlini zikamaspala. Akagcinanga ke lapho uMaspala wenu, ubuye wangeza la emcimbini, angazi ke noma akafuni yini ukuthi uhulumeni enamvotela aninikeze ubunikazi bezindlu.” Kusho uNkosi.
Ungqongqoshe uthi usenqume ukuthi avale uMaspala i-Alfred Duma ekutheni anikezele ngamatayitela ngoba akasawethembi ukuthi uzokwazi ukukwenza lokhu ngempumelelo.
Ngaphambi kokuthi azokwethula inkulumo yakhe eSt Chads, UMnumzane Nkosi uqale endaweni yaseMbulwane eSteadville lapho ebeyobona khona izindlu zemixhaso ezakhiwa khona. Uthembise abantu baseMbulwane ukuthi kothi kushaya ukhetho lwangonyaka ozayo lezi zindlu ezingaphezu kuka 500 zizobe sezinikezelwe kubantu.
Ungqongqoshe ube esedlulela kuMaspala wasoKhahlamba endaweni yasePotshini lapho eyokwethula khona uhlelo lwezindlu olusha sha.