BAKHALA NGOKUNYUSWA KWEMALI YETEKISI NGOKWEQILE ABANTU BASEBERGVILLE


Abeneme neze abantu baseBergville ngokunyuka kwemali yokugibela itekisi elisuka edolobheni liye eMgungundlovu,lokhu kuza emva kwesimemezelo sokuthi lemali isizokuba nguR200 isuka kuR160.

Abagibeli bathi lokunyuka kukhulunkakhulu uma uqhathanisa nobekwenzeka ezikhathini ezedlule lapho itekisi ininyuswa ngoR10,bafisa abantu bamatekisi babuyekeze lesinqumo sabo sokunyusa lemali kangaka. Ezinye zezinto abacela bazibuke ngukuthi nomphakathi usenkibgeni yezezimali nakuwo akuhambi kahle bayapatanisa ukuze bagibele izimoto zabo.


Uthukela Times All Rights Reserved