Umholi we-ActionSA, uHerman Mashaba, uthi iqembu lakhe selifinyelele esivumelwaneni ne-ANC mayelana nokubambisana kohulumeni basemadolobheni amakhulu aseGauteng.
UMashaba uthi izingxoxo ne-ANC zihambe kahle kakhulu uma kuqhathaniswa nalezo ababenazo ne-DA. Uveze ukuthi i-ActionSA iyiqembu elizimele futhi inelungelo lokuzikhethela amaqembu ezosebenzisana nawo.
Uthi iqembu lakhe ngeke livumele i-DA noma elinye iqembu ukuthi lilinqumele ikusasa lezepolitiki. Izingxoxo ne-DA zibe nokungezwani ngezikhundla zobumeya eJohannesburg naseTshwane.
UMashaba uthi i-ActionSA ayinankinga ne-DA njengeqembu, kodwa inezinkinga ezithile ngobuholi bukaHelen Zille noCilliers Brink. Ubuye wagcizelela ukuthi iqembu lakhe ngeke liphoqwe ukuthi lingene ezivumelwaneni ezingahambisani nezinqumo zalo
