Amaphoyisa abophe abasolwa abangu-1 096 ngesikhathi kunomkhankaso weOperation Shanela II eMpumalanga, oqhubeke kusukela ngomhlaka 12 kuya ku-15 kuNovemba 2026.
Lomkhankaso ububandakanya ukulandelela nokuthungatha abasolwa abafunwayo, ukuvimba nokuhlolwa kwezimoto, ukusesha izindawo kanye nokugada ngenhloso yokulwisana nobugebengu.
Ngokusho kwamaphoyisa, kwenziwe imisebenzi engu-18 795, kwaseshwa abantu abangu-7 447, izimoto ezingu-3 716 nezindawo ezingu-200.Kuphinde kwenziwa imikhankaso yokugada ezindazweni ezingu-4 407, kwaba nezindawo zokuhlola izimoto ezingu-141 kanye nemigwaqo engu-23 evaliwe ukuze kuhlolwe izimoto.
