UMEC wezeziMali KwaZulu-Natal, uFrancois Rodgers, uthi uzohlangana namaHawks ukuze kusizwe ekuphenyweni kwezinsolo zenkohlakalo ngaphakathi esifundeni i-UThukela.
URodgers ubekhuluma emhlanganweni womphakathi obuseDunford’s Lodge eMnambithi ngoMsombuluko, mhla zingama-21 kuMandulo 2026. Uthe kunezinsolo ezibucayi mayelana nenkohlakalo eMnambithi ezibandkanya ngisho amanye amalungu amaHawks, kodwa akakwazanga ukunikeza imininingwane eminingi ngoba udaba lusaphenywa.
Uthe uzohambisana noSihlalo weDA OThukela, uKhansela Thys Janse van Rensburg, ukuya emhlanganweni namaHawks. Uthe inhloso wukuqinisekisa ukuthi lezi zinsolo ziyaphenywa futhi kulandelwa izinqubo zomthetho.
URodgers uthe wazisiwe nangabantu abathile okusolwa ukuthi bayathinteka kulezi zinsolo, kodwa wagcizelela ukuthi udaba kufanele luphathwe ngendlela efanele ngaphandle kokuphazamisa uphenyo.
Emhlanganweni, umphakathi nabamele amabhizinisi baphinde bakhala ngezinkinga zamanzi eMnambithi, kanye nezinsolo zokusetshenziswa kabi kwemali yabakhokhi bentela.
Kuphinde kwaphakanyiswa izinselelo zokuhlinzekwa kwezinsiza nokuphathwa kwezimali zikamasipala.
