Icala lokweqa ejele [likaThabo Bester lisazoma ezinye izinyanga ezine kulandela ukuvela okokuqala eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein.
Umbulali nomdlwenguli uvele nozakwabo uDkt Nandipha Magudumana nabasolwa abayisikhombisa okuhlanganisa noyise kaMagudumana.
Bonke basolwa ngokusiza uBester ukuba eqe eMangaung Correctional Centre lapho ayedonsa khona udilikajele ngoMeyi 2022.
NgoLwesithathu, ukulalelwa kwecala kwahlehliswa ngemuva kokuthi abanye babasolwa okuhlanganisa noBester uqobo beshintshe abameleli bezomthetho.
Umshushisi woMbuso u-Advocate Amanda Bester uthe uMbuso usumi ngomumo ukuthi uqhubeke.
“Sivumelene futhi sengihlanganise nohlaka olumayelana nokuqulwa kwecala. Lolu daba sizoluhlehlisa kuze kube umhla zi-5 kuNhlangulana ukuze kuqulwe icala. Abameli kumele bawalande amakhophi amadokodo ngaphambi kwalokho.” noma ngomhla zingama-29 kuNdasa wezi-2024.”