IQembu leDemocratic Alliance (DA) isigxeke kakhulu sisenzo sikaNgqongoshe wezemidlalo,ubuciko namasiko uGayton McKenzie,sokuvele aphume ahambe ePhalamende ngeskhathi,ephoswa imimuzo ngemali engu-R 31 million okubikwa ukuba yasetshenziswa ukuhambisa yena, abasebenzi bomnyango kanye nosaziwayo ukuya kwiNdebe Yomhlaba yeFifa esongwe emavikini edlule e-United States of America.
IDA ithi ibilindele ukuthi uMckenzie achazele iPhalamenede kanye nabantu baseNingizmu Afrika, ngokusetshenziswa kwalemali, lenhlanagano ithi uMckenzie ukwazile ukuhlala aphendule imibuzo ngokunye kodwa kuthe uma ehlatshwa ngemibuzo ngodaba lokusetshenziswa kwalemali uvele waphuma wahamba.
ULeah Potgieter olilungu lePhalamende leDA , uthe isenzo sika Mckenzie sikhombisa ukuthi kukhona akufihlayo.
Ngaphambilini uNgqongqoshe uGayton Mckenzie wakhipha isitatimende eveza ukuthi balinganiselwaa ku-151 abantu abahmabela eMexico nase USA,wathi ithimba likahulumeni okubalwa naye babengu 18, amaciko nabamasiko babengu-30, izinkakha zeBafana Bafana ezadlala eMexico zazingu 27 bese kuba abalandeli zizntatheli abamapodcast namaInfluencer abangu 79 ababekhokhelwe ngabaxhasi.
Wathi u-R7.86 Million wakhokhela izindleko zamabhanoyi ,indawo yokulala,umshwalense,ezkuthutha nemali yosuku nokunye kwakhe,abasebenzi bomnyango amaciko nabanye ababeyigxenye yethimba elijutshwe uhulumeni.
