Umbhali nomcwaningi waseSteadville eMnambithi, uNtando Mbatha, uqokelwe emiklomelweni iForty Under 40 South Africa Awards ngaphansi komkhakha we-Authorship and Creative Writing.
Le miklomelo ihlonipha futhi ibungaze osomabhizinisi, abasunguli bamabhizinisi kanye nochwepheshe abasebancane abangaphansi kweminyaka engu-40 abakhombisa ukusebenza ngokuzimisela, ukukhulisa amabhizinisi kanye nokwenza umehluko emiphakathini yabo.
UNtando Mbatha uqokelwe lo mklomelo ngenxa yezincwadi zakhe ezishicilelwe ezihlanganisa i-Her Voice, i-Ancestor Incarnate kanye ne-Her Narratives: Women’s Lived Experiences. Uphinde wanconywa ngomsebenzi wakhe wocwaningo ngomlando waseSteadville, nangabantu abanegalelo emphakathini abafana noMaxwell Malinga, kanye nocwaningo olugxile endimeni yabesifazane emzabalazweni wokulwa nobandlululo. Umsebenzi wakhe uyatholakala ku:
Umcimbi wesine waminyaka yonke wale miklomelo uzobanjelwa eGoli mhla zi-3 kuMfumfu 2026. Abaphumelele bazokhethwa ngokuvotelwa ngumphakathi okuzobalelwa ku-20%, kanti amajaji azoba nesandla esingu-80% esinqumweni sokugcina.
Ukuqokwa kukaMbatha kubhekwa njengokuhlonishwa okukhulu hhayi kuye kuphela, kodwa nakumphakathi waseMnambithi naseSteadville.
Ungamvotela ngokulandela ilink Vote for Ntando Phindile Zamashandu Mbatha — FORTY UNDER 40 SOUTH AFRICA 2026
See less
Shared post
