I-Democratic Alliance (DA) eMkhandlwini wesiFunda uThukela isifuna kubanjwe umhlangano okhethekile womkhandlu ukuze kuphendulwe imibuzo mayelana nemali yomphakathi okusolwa ukuthi yalahleka ezinkontilekeni ezingajwayelekile zonogada.
Ngokwesitatimende se-DA, umbiko wophenyo lwango-2023 owawenziwe i-S D Moloi & Associates wathinta abaholi abaphezulu be-IFP, okubalwa kubo iMeya noSomlomo. Kubikwa ukuthi imali engaphezu kuka-R10 million kungenzeka yasetshenziswa ngendlela engafanele.
I-DA ithi yafaka isiphakamiso ngokusemthethweni ngoJulayi 21, 2026, kodwa lesi siphakamiso asifakwanga ohlweni lomhlangano womkhandlu owaba ngoJulayi 30.
Le nhlangano ifuna uMphathi kaMasipala aphendule ukuthi ukhona yini osebuyise imali nokuthi ngabe iMeya, uSomlomo noma izikhulu ezamiswa emsebenzini zikhokhile yini.
I-DA izobamba umbhikisho onokuthula enomlayezo othi “Pay Back the Money” ngaphandle kwamahhovisi kaMasipala ku-Forbes Street eMnambithi ngoLwesine ngo-9 ekuseni.
