Abaqulusi – UMeya kaMasipala waseBaqulusi ukhansela uSifiso Mkhwanazi wahlanganyela nomphakathi waseDlomodlomo kuwadi 02,lapho umphakathi ubukhathazekile ngokususwa ngokungemthetho emakhaya abo nabathi umhlaba ngowokhoko babo.
Lezizakhamizi zithi zibhekene nenkinga yokufuna ukususwa ngabaMhlophe abazibiza ngabanikazi bamapulazi aseDlomodlomo ngenhloso yokwandisa iziqiwi.UMeya ukhansela uMkhwanazi wakuzwa ukukhala kwalomphakathi emavikini edlule,wathembisa ukubuya nabeMinyango efanele okukhona kuyo i-Ezemvelo KZN Wildlife kanye noMnyango Wezokubuyiselwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya.
USomlomo uNonkululeko Ndlela, ngokujutshwa uMkhandlu waBaQulusi, ubuyele eDlomodlomo noMnuz Ncanana obevela kuMnyango Wezokubuyiselwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya. Umphakathi wanikeza ithuba lokubalula izinkinga ababhekane nazo emapulazini, uMnuz Ncanana ube esechazela umphakathi ngokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa komhlaba nokuhluka kwazo wathi lokhu okuqondene nomphakathi waseDlomodlomo kubizwa nge-restitution claim.
UPhinde wacebisa umphakathi ngemigudu ekumele ilandelwe ukuze kuzofinyelelwa kwisiphetho esizovuna wonke umuntu ngokwamalungelo,wathembisa umphakathi ukuba bazoqhubeka balusebenze lolu daba noMnyango wakhe njengoba kuvelile ukuthi sebaluqala.
Umphakathi wona umile ekutheni awuyi ndawo futhi awusifuni isiqiwi eduze kwawo njengoba lezi lwane zasendle zibulala imfuyo yabo, futhi ziyingozi nakubo uqobo. See less
Get WordPress help, plugins, themes and tips at MachoThemes.com