Empangeni – UMnyango wezokuthutha nokuhlaliswa kwabantu oholwa uNgqongqoshe uSiboniso Duma ukuqinisekisile ukuboshwa komsebenzi woMnyango wezokuthutha Empangeni ophikweni lwaka Mechanics,uThemba Mkhize, Oboshelwe ukutshontsha uDiesel esebenzisa ikhadi lomnyango lokuthenga uDizili noPhethiloli. kubikwa ukuthi uMkhize kade elandelwa kusukela ngonyaka odlule kanti futhi kubikwa ukuthi kunonogada abesebenzisana nawo,nokuthiwa nabo bazoboshwa.
UNgqongqoshe uDuma uthi i operation #NenzaniLaEzweni isigadla ekhaya manje,wathi kumapeketwane njengoba inqwaba yezisebenzi abasebenzisana namasela ziphenywa.Uphenyo luveza ukusebenzisa nama Garage kanye nokumuncwa kuka diesel kuma truck nama TLB akhanda imigwaqo.
UDuma uncome i Transport Officer kanye nophiko lomnyango oluyisipesheli olusebenzisana namaphoyisa ophiko iSAPS eMpangeni.
wathi nakweminye iminyango kahulumeni kuzoshaqwa inqwaba yabasebenzi okuhlanganisa labo abaxhaphaza izimoto zikahulumeni.
UMkhize kulindeleke ukuba avele eNkantolo mhla zingu 24 kuNtulikazi 2026
