Unqume ukuvuka ekuseni uvale umgwaqo umphakathi wasendaweni yaseLimehill naseTholeni kuWard 34 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma ukhala ngokungabi namanzi.
Umgwaqo ohlanganisa i-Uitval kanye nedolobha iDundee onqamula phakathi kulezi zindawo ezimbili uvalwe ngezinguzunga zamatshe okwenza kungahambeki nhlobo uma ufuna ukusebenzisa lomzila. Kuphazamiseke kakhudlwana othisha kanye nabafundi besikole ekuseni namuhla njengoba kuyibona kakhulukazi abawusebenzisayo uma beya noma bebuya ezikoleni ezehlukene kulendawo.
Funda nalolu daba:
Lomphakathi ukhala ngokuthi sezimbili izinyanga bengawathi mbibi amanzi ezimpompini kanti nezimoto ezliletha amanzi azilubeki kulendawo. Isakhamuzi esixoxisane naleli phephandaba sithi banqume ukuthi bakhombise ngalendlela ukucasuka kwabo ngoba uma bekhuluma kahle ngomlomo abezwakali. “Sinqume ukuthi siwuvale lomgwaqo mhlawumbe sizozwakala ngoba noma sithi siyakhalaza nasekhanseleni, nalo lithi alazi lutho ngamanzi kodwa uThukela oluwengamele. Thina ke asazi naThukela lolo sazi lona ngoba yilo esalivotela,” kubeka lomlisa obethukuthele egane unwabu.

Uzokhumbula ukuthi leli phephandaba like labika ngomshophi lapho umfanyana uneminyaka elishuma washelela wawela emfuleni waminza eyokha amanzi kuyo lendawo.
Ikhansela lalendawo umnumzane Mzuzwana Magasela, ebuzwa ngaloludaba uthe naye udidekile ngalesi senzo,”Mfwethu angazi nami, kodwa amanzi besilokhu sawagcina ngo-October kodwa izolo amanzi abesephuma futhi umphakathi watshelwa ukuthi azophuma ngaziphi izikhathi, kanti nemoto yamanzi ibisike yafika ezinsukwini ezimbalwa. kwamina ngiyadideka ukuthi yini inkinga manje,” Kuchaza uMagasela.