Inhlangano kaMashi noMashi eLadysmith ibambe umhlangano namabhizinisi amaningana endawo, okuhlanganisa iMxhawuli, iKing Store, iLiberty, kanye neKing Furniture, njengengxenye yezingxoxo eziqhubekayo mayelana namathuba emisebenzi kubantu baseNingizimu Afrika.
Kuthiwa kwaMxhawuli kukhishwe abasebenzi bakwamanye amazwe kwaqhashwa abantu baseNingizimu Afrika abangu-11. Kubikwa ukuthi iKing Store ixoshe abantu bakwamanye amazwe abane yafaka abasebenzi abane baseNingizimu Afrika, okuhlanganisa abesifazane ababili nabesilisa ababili. iKing Furniture iqhashe abakuleli abathathu esikhundleni sabokufika.
iLiberty nayo kuthiwa yenze okufanayo.
Sebebonke, abantu baseNingizimu Afrika abangu-18 kubikwa ukuthi baqashwe ngenxa yalezi zingxoxo.
Le nhlangano ithi izoqhubeka nokuxhumana namabhizinisi endaweni ukukhuthaza amathuba emisebenzi endawo.
