IMeya kaMasipala wase-Alfred Duma, uMhlonishwa Zama Sibisi, yethule ngokusemthethweni osonkontileka abazoqhuba umsebenzi wokulungisa imigwaqo eWard 15 naseWard 18 emhlanganweni namalungu amaWard Committee.
Lo msebenzi uzobandakanya ukulungiswa komgwaqo ongamakhilomitha amabili (2km) iward ngayinye endaweni yaseKirkentuloch eWard 15 kanye naseDriefontein eWard 18.
Kuvezwe ukuthi inkampani iKamva Elihle Construction izosebenza ukulungisa umgwaqo eWard 15, kanti i-Asiphiwe Trading izobhekana noWard 18.
UMeya Sibisi unxuse amalungu amaWard Committee ukuthi asebenzisane ngokugcwele nosonkontileka ukuze kuqinisekiswe ukuthi umsebenzi uqedwa ngendlela efanele futhi ngesikhathi esibekiwe, ukuze umphakathi uzuze engqalasizindeni esezingeni.
Uphinde wamemezela ukuthi maduze nje kuzokwethulwa omunye umsebenzi omkhulu wokufakwa kwezibani eziphakeme (high mast lights) kuward 15, kanye nomsebenzi wokufakwa kwetiyela kuward 18. Yomibili lemisebenzi kulindeleke ukuthi uqale ngoNtulikazi njengengxenye yemizamo kaMasipala yokuthuthukisa izindawo zomphakathi nokuphepha kwezakhamuzi.
